Uhlaka lwamanje lwezindawo zokudoba izinhlanzi...
Ukusabalala kwabadobi bezinhlanzi bezinga elincane...
Abantu ababandekanyekayo emabhizinisini amancane, abadoba ngenjongo yokuhlangabezana nezidingo nqangi zempilo noma eziyisisekelo zokuziphilisa noma okungenzeka babambe iqhaza emisebenzini yezomnotho yezinga elincane.
Laba badobi kungenzeka basebenza ogwini noma eduze kwalo noma eduze kwamanzi angasogwini futhi kungezeka kube yisiko labo lokudoba.
Ngokujwayelekile badoba ngamathuluzi abo endabuko futhi/noma ngamathuluzi asezingeni eliphansi lezobuchwepheshe futhi bazidobela ngokwabo izinhlanzi.
Ngokujwayelekile ngumuntu ozidobela ngokwakhe izinhlanzi ukuze ezozidlela yena kanye namalunga omndeni ondliwa nguye, kubandakanya nomuntu okuthi ngezikhathi ezithile othengisela abantu basendaweni izinhlanzi azidobile noma ashintshiselane nabo ngokuthile esikhundleni sezinhlanzi, kodwa akubandakanyi umuntu odoba izinhlanzi zokuthengiswa ngezinga elikhulu ngenjongo yezohwebo.
Ngokubambisana kusho ukubambisana phakathi kukahulumeni, imiphakathi yendawo, abasebenzisi bemvelo, izinhlangano ezingezona ezikahulumeni kanye nabanye abahilelekile behlanganyela khona igunya nomthwalo wokuphathwa kwemithombo yomnotho.
Ngokubambisana yizindikimba ezimele umphakathi ezamiswa ngenjongo yokubambisana nohulumeni futhi zisize ekuphathweni kwemvelo nabasebenzisi bemvelo.
Uhlobo olulodwa noma ezengeziwe zezinhlanzi noma nanoma iziphi izinhlelo zokudoba ezesekelwe kulezo zinhlobo engase ibhekwe njengophiko oluthile ngezinjongo zokulondolozwa kanye nokuphathwa, kucatshangelwa isimo sezindawo, ulwazi lososayensi, ezobuchwepheshe, ezokungcebeleka, ezomnotho kanye nezinye izici ezifanelekayo.
Abantu ababenganakiwe ngaphambilini ngenxa yokubandlululwa ngokungafanele ngenxa yohlanga, ubulili noma ukukhubazeka.
Umsebenzi nqangi woMnyango ukulondolozwa kwemvelo, ukuphatha kanye nokusetshenziswa kwemvelo yasolwandle ngokonga.
Lenqubomgomo ihloselwe ukuthuthukisa ukuphathwa nokusetshenziswa kwemvelo nanjengesiqondiso sokwabiwa kwamalungelo okudoba izinhlanzi ezindaweni zokudoba ngokwezinga elincane, kubandakanywa nabadobi abadobela ukuziphilisa nabadoba ngokwezinga elincane nangenjongo yezohwebo, ngaphakathi kohlaka olufanelekile.
Lenqubomgomo yethula izimiso, izinqubo, nezindlela okumelwe zilandelwe ekuphathweni nasekwabiweni kwamalungelo okudoba.
Olwandle icabangela izinhlobo ezintathu ezibalulekile zabadobi noma zokudoba, ukudobela ukuziphilisa, abadobi abangabahwebi nabadobi anangabavakashi.
Kukhona futhi nelinye iqembu labadobi, abadoba abangabahwebi abasezingeni elincane, abangangeni kunoma yiluphi uhlu kuzi eziphawulwe ngenhla.
Lokhu kwenza kube nesidingo sokwakhiwa kwenqubomgomo engumthetho nohlelo lokuphatha oluzohlanganisa laba badobi.
Ukuze kubandakanywe leli qembu, izinqubomgomo zamanje zokwabiwa kwamalungelo esikhathi eside kuzodingeka zihlolwe futhi ukulungisa okudingekayo kudingeka kuqaliswe kwi-MLRA.
Ukwabiwa nokuphathwa kwamalungelo okudoba ngenjongo yokuziphilisa okwamanje, kuntula uhlaka lwenqubomgomo olufanelekayo.
Kuyoba kwimigomo yokuchitshiyelwa komthetho ishayamthethetho ukuba kwehlukaniswe ukwbiwa kwalungelo okudoba phakathi kwabadobi abadobela ukuziphilisa kanye nalabo abangabadobi abahweba emazingeni aphansi noma kuyokhishwa amalungelo abadobi abangabadobi abangabahwebi abasmazingeni aphansi kuphela.
Olwandle unikeza uMnyango igunya lokuphathwa kwemvelo yasolwandle.
Ngokwenhloso yokwabiwa kwamalungelo okudoba, uNgqongqoshe uhlose ukunikeza igunya ngokwesigaba esingumamba somthetho esikhulwini noma ezikhulwini zoMnyango ukunikeza amalungelo okudoba kubadobi abadobela ukuziphilisa kanye nalabo abangabahwebi abasemazingeni amancane ngaphansi kwesigaba namba somthetho wezemvelo ephila olwandle.
Lenqubomgomo iyosiza ekulawuleni isikhulu esiphathiswe igunya ekuthatheni izinqumo maqondana nokusetshenziswa kwamalungelo okudoba okusemazingeni amancane.
Ngokomlando abadobi abadobela ukuziphilisa kanye nalabo abangabahwebi abasemazingeni amancane badoba izinhlanzi ogwini lolwandle kanti basebenzi amathuluzi okudoba asemazingeni aphansi ngokobuchwephesha.
ukuba liqalise inqubomgomo kanye nohlelo lokuphathwa kweizindawo zabadoba abadobela ukuziphlisa.
abadobi bezinga elincane kanye nabezinga elikhulu.
Nakuba ukubekela lamaqembu imingcele kuwumsebenzi oyinkimbinkimbi, kwaqashelwa futhi ukuthi kukhona ubunzima bokuhlukanisa phakathi kwabadobi abadobela ukuziphilisa, abezinga elincane kanye nabezinga elikhulu lezentengiselwano.
Eqinisweni, kuyahlukahluka kusukela ezingeni eleqile lapho abadobi ngokuyisisekelo bedobela khona ukudla, ukuya kwabamabhizinisi amancane bese ekugcineni kuba abamabhizinisi amancane naphakathi nendawo.
uhlolwe ukuze kuqashelwe isigaba esisha okubhekiselwa kuso ngokuthi abadobi amangabahwebi abancane, abachazwa ngokuthi ngabantu abasemabhizinisini amancane, nabangababi abazibandakanye ekudobeni ukuze bahlangabezane nesidingo nqangi zempilo nokuba bathole noma okungenzeka bazibandakanye ekudobeni okusezingeni labadobi abangabahwebi abancane.
Lesi sigaba sabadobi siyawuqaphela futhi umehluko okhona phakathi kwabadobela ukuziphilisa nabadobi bezinga elincane.
Ngenxa yenjongo yale nqubomgomo nesimo samanje sesishayamthetho, kubalulekile ukuchaza abadobi kanye nomkhakha ngendlela okuchazwe ngayo ngenhla.
Incazelo ingase ishintshe lapho kwenziwa izichibiyelo kwi-MLRA.
Uhlaka lwamanje lwabasebenzisi balo mnotho ezindaweni zokudoba ngezinga elincane luyinkimbinkimbi.
Izindawo zokudoba zinabadobi, abasebenzisa amathuluzi okudoba endabuko kanye/noma obuchwepheshe bezinga eliphansi, ababambe iqhaza ekudobeni okunhlobonhlobo kokuzikhandla, ubuchwepheshe bokwenza nokusakaza izinhlanzi obusetshenziselwa ukusebenzisa ngokunenzuzo izindawo zokudoba zasolwandle isikhathi esigcwele, isikhashana noma ngezinkathi ezithile ngokuyinhloko ngenjongo yokuzondla, izimakethe zasekhaya noma zasendaweni.
Abadobi ngokwabo baphinde bahlanganyele nakweminye imisebenzi ewusizo njengasekwenzeni amanetha abo, ukwakha izikebhe, ukulungisa izinjini kanye nokulungisa okwenza kuvuleke amathuba eminye imisebenzi ehlobene nokudoba kanye namathuba okwenza imali emiphakathini edobayo.
Lolu hlu aluyona inkimbinkimbi futhi kuyaqashelwa ukuthi akuyona yonke imiphakathi okungenzeka iye yafakwa ohlwini.
Umfanekiso wezabelo zemiphakathi edoba ngezinga elincane ngasogwini lwaseNingizimu Afrika.
Lolu hlu aluyona inkimbinkimbi futhi lungase lungahlanganisi yonke imiphakathi.
Lezi zakhamuzi eziboniswe zifakwe ohlwini eThebuleni eliseduze kwenombolo ehambisanayo ebalazweni.
Uhlu lwemiphakathi edobayo efakwe kuMdwebo ngenhla.
Izinhlobo ngezinhlobo zezinhlanzi eziphilayo zasolwandle zidotshwa ngabadobi bezinga elincane.
Izindlela zokudoba nazo ziyahlukahluka.
Abadobi bezinga elincane bayingxenye eyinhloko yemiphakathi yasogwini lapho behlala khona, futhi ngaleyo ndlela, uhlaka lwezomnotho nezenhlalo lwemiphakathi lubonisa isimo abadobi ababhekene naso uma usibheka ngombono obanzi.
Ukuhlaziywa kohlaka lwezenhlalo nezomnotho lwemiphakathi yasogwini lapho abadobi bevela khona ezifundeni ezine ezisogwini luveza ukuthi abadobi yibona abayizisulu kakhulu.
Kapa, iningi labo elihlala emiphakathini yasemadolobheni.
Natal ibe nemindeni emikhulu engaba namalungu angaba yisikhombisa.
Izinga lemfundo phakathi kwabadobi bezinga elincane liphansi.
wawungazange ufinyelele ezingeni lemfunda lase-primary.
Lolu hlaka lwemfundo ephansi lusikisela ukuthi abadobi bezinga elincane babanjwe ogibeni lobumpofu.
ubudala ayengaqashiwe ngo-1999.
wawumane ubambe amatoho, noma uqashwa ngezinkathi ezithile zonyaka noma usebenza njengamaqembu ahlephulelana ngalokho akudobile.
Labo abaqashiwe bahola kancane kakhulu.
Umholo omningi wabadobi bezinga elincane usetshenziselwa ukudla.
Kapa babhekene nenkiyankiya yokuntuleka kokudla.
womholo wabo ekudleni kuphela.
Isidingo sombuso sokuqinisekisa ubulungisa kwezemvelo ngokwakha amathuba, lapho kungenzeka khona, okuba imiphakathi ikwazi ukuthola izinhlanzi eziphilayo zasolwandle.
Izihloniphe futhi inamathele esimisweni sokusetshenziswa kwezindlela zokudoba izinhlanzi eziphilayo zasolwandle.
Ukuqashelwa kwezinzuzo zezenhlalo nezomnotho ngokomongo wokuhlobana phakathi kwezinto eziphilayo nendawo yazo ezungezile.
Indlela yokuphatha ngokubambisana.
Ukukhuthazwa kokutholakala okulinganayo uhlanga, ubulili, ukukhubazeka nokuzuza ezinhlanzini eziphilayo zasolwandle.
indabuko yokuncika ezinhlanzini eziphilayo zasolwandle ukuze baziphilise.
Ukuqashelwa kolwazi lwendabuko lwabadobi.
Ukuthuthukisa ikhono labadobi ngemfundo, ukuqeqesha nokuthuthukiswa kwamakhono.
Ukuhlinzeka ngokuphatha okusemthethweni nohlaka lwenqubomgomo lwabadobi bezinga elincane ngokwabiwa kwamalungelo okudoba.
kucatshangelwa ukutholakala okulinganayo uhlanga, ubulili, ukukhubazeka kanye nezinzuzo zezinhanzi eziphilayo zasolwandle kanye nokubamba iqhaza ezihlanganweni/ezinhlakeni zokuphatha ngokubambisana.
Ukuqinisekisa ukusetshenziswa kwesikhathi eside nokusimeme kanye nokuphathwa kwezinhlanzi eziphilayo zasolwandle kanye nemvelo ezungeze izingu.
Imizamo yokwakha kabusha imithombo yalezi zinhlanzi yahlanganisa ukuncishiswa okuphawulekayo komzamo wokudoba ngenjongo yezentengiselwano ngo-2003.
imiphakathi lapho kufaneleka khona.
Kubalulekile ukugcizelela ukuthi akunakwenzeka ukunika bonke abadobi amalungelo okudoba.
Ukutholakala okungokwemvelo kwezinhlanzi eziphilayo zasolwandle ngeke kwanele ukuhlangabezana ngokugcwele nezidingo okuphila zayo yonke imiphakathi edobayo.
Mnyango uyaqaphela ukuthi abadobi ngokwendabuko baye badobe izinhlobo ngezinhlobo zezinhlanzi.
endaweni ethile yokudoba.
Mnyango uyaqaphela ukuthi ukusetshenziswa kwezinhlanzi, ukutholakala kwazo, umnotho wezenhlalo kanye namandla omphakathi kuyahluka ngasogwini.
Ukuphathwa kwemikhakha yezindawo zokudoba ngezinga elincane kuyokwenziwa ngokwezifunda.
Iziqoqa-lwazi ngezinhlanzi ezidotshiwe ziyosetshenziswa eduze kogu ukuze kuqoqwe ukwaziswa okudingekayo ngezinhlanzi ezidotshwayo kanye nezindawo zokudoba.
Ukuze bafanelekele amalungelo okudoba ezinga elincane, abenzi bezicelo kuzomelwe bahlangabezane nendinganiso ethile.
Izindinganiso zokuhlola zihloselwe ukuveza abenzi bezicelo okuyibona abafaneleka kahle.
Lezi zindinganiso kuqondwe ngazo ukuba kuqinisekiswe ukuthi amalungelo okudoba abiwe ngendlela ekahle, ephumelelayo, ehlelekile nengafihli lutho.
noma uma sifakwe ngendlela engqubuzana neziqondiso.
Kulokhu, isicelo kubhekiselwa kuso ngokuthi sifakwe ngendlela engafanele.
Isicelo ngeke sicatshangelwe uma singazange sisayinwe ngumenzi wesicelo noma uma isimemezelo somenzi wesicelo singazange sifakazelwe ngukhomishane wezifungo noma uma umenzi wesicelo ehlinzeke ngokwaziswa okungamanga noma amadokhumenti angamanga noma ehlulekile ukudalula ukwaziswa okudingekayo noma ezame ukuthonya uNgqongqoshe noma igunya eliphathisiwe ngendlela ehlukile kuleyo ehlinzekwe kule nqubomgomo phakathi nenkathi yokwenza isicelo.
Leso sicelo kubhekiselwa kuso ngokuthi sinokwaziswa okuyiphutha.
Abenzi bezicelo abanamalungelo emkhakheni wezomnotho abanakucatshangelwa.
abazonikwa amalungelo okudoba ezinga elincane.
Abafaki bezicelo bamalungelo okudoba ezinga elincane kumelwe okungenani bebe sebefinyelele eminyakeni eyishumi nesishiyagalolunye ngesikhathi sokufakwa kwesicelo.
Kuzocatshangelwa kuqala abenzi bezicelo abangakwazi ukubonisa ukuthi baziphilisa ngezinhlanzi eziphilayo zasolwandle ukuze banakekele izidingo zabo eziyisisekelo.
Abenzi bezicelo abangasebenzi nalabo okungekho holo abalithola njalo bangase bacatshangelwe.
Kuzocatshangelwa kuqala abenzi bezicelo abahlala eduze kwezindawo zokudoba abenza izicelo zokudoba kuzo.
HDIs abangasebenzi futhi okungekho holo abalithola njalo, kuye ngokuthi bangabonisa yini ukuthi bathembele ekondliweni yizinhlanzi eziphilayo zasolwandle.
Abenzi bezicelo kuzodingeka ukuba babonise ukuthi phakathi nenkathi yokudoba, bayakwazi ukusebenzisa ngokobuqu ilungelo labo.
Ngabenzi bezicelo abangeke bakwazi ukusebenzisa ilungelo labo kuphela ngenxa yokukhubazeka okungokomzimba unomphela engezukudingeka kubo le mfuneko.
Izinhlu zesikhashana zizokwenziwa zitholakale emiphakathini ehlela ngasogwini.
Abantu abanesithakazelo nabathintekayo kule miphakathi bazokhululeka ukuveza izimvo zabo ngamagama avela kulezi zinhlu.
Umsebenzi ongezukuyibuyiselwa oyikhokha kanye engamarandi angamashumi amabili izokhokhwa lapho ufaka ifomu lesicelo.
Yemvume engamarandi amahlanu izokhokhwa minyaka yonke.
Ngokubambisana zizoba nesibopho sokusebenzisa le nqubomgomo.
Lo mnyango uzokwenza lula ukuqeqeshwa kwamalungu ala makomii ukuze uqinisekise ukuthi asebenza ngendlela ekahle nephumelelayo, ngaleyo ndlela kuthuthukiswa izinga lemiphakathi edobayo ezohileleka ekuphathweni komnotho wezinhlanzi eziphilayo ezindaweni ehlala kuzo.
Ukusekela uMnyango ekulondolozeni ukusebenza ngempumelelo kwezinto ezigcina ukwaziswa kwezinhlanzi ezidotshiwe.
Ukusiza uMnyango ngokuhlonipha umthetho.
Le ngosi izohlinzeka ngesisekelo sabamele imiphakathi edoba izinhlanzi ezosebenza ngokubambisana noMnyango ezindabeni eziphathelene nokuphathwa komkhakha wokudoba wezinga elincane.
Imibandela yezimvume yezindawo zokudoba ngezinga elincane izokhishwa minyaka yonke futhi ingase ichitshiyelwe nganoma yisiphi isikhathi phakathi naleyo nkathi.
Mnyango ukhuthaza ukuba kwakhiwe indikimba yabameli balo mkhakha ngezinjongo zokuba nezingxoxo eziqhubekayo ngokuphathwa kwalo mkhakha.
